Lo nyakamali odlule bekuwunyaka omatasatsa impela kwiBhodi ekhona ngenxa yokuthi bekufanele baqedele izakhiwo nemithethomigomo futhi bendlalele iBHodi entsha ukuthi ikwazi ukuthatha izintambo ngaphandle kwezihibe. Le liqembu lamsebenzela iminyaka emihlanu u-PANSALB kusukela mhla zingama-24 ku-Epreli 1996 kwaze kwaba zingama-25 kuMashi 2001. Lo mbiko uchaza izinto ezenzeke kunyakamali odlule maqondana nokuthuthukiswa nokukhuthazwa kwezilimi zaseNingizimu Afrika kanjalo nommisomgomo wezilimilimi kulelizwe.
Lona bekungunyaka oyinselele enkulu kumalungu eBhodi njengoba besekuwunyaka wawo wokugcina esezikhundleni zeBhodi. IBhodi ibisigxile kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi yonke inqubo, imithethomigomo nezakhiwo zayo zizomelekelela u-PANSALB ukuthi akwazi ukugcina izinjongo zakhe.
Uphothuliwe nomsebenzi wokusungula amaKomidi eziLimi eziFundazwe zozishiyagalolunye, imiGwamanda yeziLimi kuZwelonke kanye neziMpiko zeziChazamazwi kuZwelonke. Esikulindeleke kuleBhodi entsha ukuthi igcine izinhlelo zoqeqesho eziqondene nabasebenzi kanye neBhodi yabaQondisi abazobe beseziMpikweni zeziChazamazwi kuZwelonke. AmaKomidi eziLimi kuZwelonke kanye namaLungu eziMpiko zeziChazamazwi kuZwelonke kufanele banikezwe izinqubongqangi ngokuphelele maqondaa nokusebenza kwalemigwamanda futhi nemisebenzi yawo iyiqhube bgokubekiwe kwinqubo migomo ewasingethe. Imigwamanda yokwaluleka yomibili izokwelekelela kokubili iBhodi kanye nezishaymathetho zezifundazwe ukuthola ulwazi maqondana nezihloko ezithinta izilimi emiphakathini emelwe yile migwamanda.
Le Bhodi ekhona njengamanje yiqinisekisa futhi ukuthi izinqubonggangi kulowo nalowo mkhakha okugxilwe kuwo ziyahlanganiswa uumelekelela u-PANSLB emsebenzini wakhe awunikeziwe. Imisebenzi eyenziwa kunyakamali odlule, okubala ucwaningo nemikhankaso yokuthuthukisa kuzomelekelela u-PANSALB ukuthi aqhubeke nokuhlola amasu akhe maqondana nokuthuthukisa nokukhuthaza izilimi zaseNingizimu Afrika.
Ngaphansi kokuhlelwa kwezilimi ucwaningo maqondana "nokusetshenziswa nobudlelwano bezilimi eNingizimu Afrika" lwayelekelela iBhodi ukuthi isiqonde kangcono isimo sezilimi yakwazi nokuhlanganisa ngokucacile izinqubongqangi nenqubo migomo yolimi, ukusetshenziswa nokulandelwa. Kwashicilelwa incwadi emayelana nenqubongqangi engujikelele ukwelekelela izikhungo eziphezu komsebenzi wokwakha imithethomigomo yezilimi. Ucwaningo olwaxhaswa ngezimali kulokhu kanjalo nalolo olusaqhubekayo luzoba wusizo kwiqembu elisha lapho selihlaziya amasu eBhodi ukwenza iincomo ezibhekiswe kuhulumeni nezikhungo zakhe maqondana nomthethomgomo wezilimi.
Nakuba kungenzekanga ukuthi kuphembeke ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kweBhodi neHhovisi likaNgqongqoshe wezeMfundo ngesikhathi thina sisasesikhundleni, siyethemba ukuthi le Bhodi entsha izokwazi ukwenza lobo buhlobo. Lokho kuyoqinisekisa ukuthi imiphumela yocwaningo nemikhankaso ebeyixhaswe ngaphansi kwezilimi maqondana nezemfundo kule minyaka emihlanu edlule kuyabelwana ngayo nalabo abasezikhundleni kwezemfundo kuzwelonke nasezifundazwe. Kungakwazi ukuthi kusetshenzwe ngemikhankaso enokuba yimpumelelo ukuthi umthethomgomo wolimi kwezemfundo ukwazi ukusebenza kugwemeke nokuphindaphinda into eyodwa okudla umnotho, kanjalo nobudlelwano obuhle phakathi kwemigwamanda.
Maqondana nokugqugquzelela ubungcweti kwezokuhumusha nokutolika, u-PANSALB uphumelele ukukhipha usomqulu ozosetshenziswa ukubhala umthethosivivinywa ozoba yinqobomgomo yobungcweti. Lokhu kwethuliwe ehhovisi likaNgqongqoshe wobuCiko, amaSiko, iSayensi nobuChwepheshe ukuze kuqhutshekwe nohlangothi lwezomthetho kulokhu. Ibhodi entsha kuzofanele ikwazi ukusebenzisana nomgwamanda ozobe usungulelwe ukukhuphula izinga lokuhlonipheka kwalobo bungcweti.
Inselele enkulu u-PANSALB abhekene nayo ukuqinisekisa ukuthi izilimi ebezinokubuyiseleka emuva esikhathini esidlule, ikakhulukazi izilimi ezisemthethweni zendabuko zosishiyagalolunye, ziyathuthukisa. Lokhu kuyozelekelela le zilimi ukuthi nazo zikwazi ukusebenza njengezisemthethweni. Ukusungulwa kweziMpiko zeziChazamazwi kungenye yalezo zinyathelo. Eminye futhi imizamo eqalwe yiBhodi ibala ukuqeqeshwa kwababhali bemidlalo kamabonakede, umsakazo nevidiyo kule zilimi, kanjalo nokusombulula amasu azosheshisa ukushicilelwa kwezincwadi zendabuko. Lona ngomunye wemikhakha ofanele ukuthi kugxilwe kuwo ukuze kusetshenziswe amasu azokwelekelela ukuthuthukisa nokukhuthaza le zilimi, kanjalo nabanye abalingani ababambe iqhaza kwizimpokophelo ezifana nalezi.
IBhodi yabuye futhi yenza uphenyo lwezikhalazo ezimbalwa ezethulwa phambi kwalo. Ngeshwa-ke, lo msebenzi usadinga ukulolongisiswa ukuze usetshenziswe ngempumelelo ukwelekelela ukulandelwa kwezilimilimi futhi kukhuthazwe izikhungo ukuthi nazo zakhe imithetho migomo yezilimi ezokwazi ukulungisa ukungalingani kwesikhathi esidlllule. Kuyisifiso sika-PANSALB ukubona abakhulumi bezilimi zendabuko besebenzisa amalungelo abo ezilimi. Isu lokubonelela ukuthi amaKomidi eziLimi eziFundazwe akhuthaza ulwazi ngezilimi kulao abakhuluma izilimi ezinomlando wokucindezelwa liyasetshenziswa. Impumelelo yalo izobonakala kule minyaka embadlwana ezayo bese kusetshenzelwa phezu kwayo, uma kunesidingo, ukwenza ngcono isimo.
U-PANSALB uphinde wabambisana nemigwamanda eminingi eyahlukene ukuze akwazi ukuphumelela. Ubudlelwano abakhile nemigwamanda efana ne-National Arts Council (umKhandlu wobuCiko kuZwelonke), ne-National Film and Video Foundation (Isikhungo seNgqayi namaVidiyo kuZwelonke) kanye nama-NGO (iziNhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni) kufanele buqiniswe. Umsebenzi onikezwe iBhodi ungefezwe yiBhodi kuphela;kufanele isebenzisane neminye imigwamanda esebenzela izimpokophelo ezifanayo nezeBhodi. Le bhodi ekhona njengamanje ibangukuthakasela ukuba nobudlelwano obungcono nemigwamanda efana no SABC, abaShicileli neminye imigwamanda ezimele. Nakuba kunjalo, siyalikhuthaza le qembu elisha ukuthi liqhubeke nokwakha ubudlelwano bokusebenzisana nemigwamanda yalo luhlobo. Ukuba nabasebenzi abenele, isipiliyoni sokusebenzisana nokuxhumana, kuyokwelekelela ukuzuza le njongo.
Ukuphetha, ngibonga iphini likasiHlali uNks. Zubeida Desai, onke amalungu eBhodi, uMphathi Omkhulu, uSolwazi u-Cynthia Marivate, nabasebenzi bakhe baseHhovisi ngomsebenzi oseqophelweni abawenzayo kanye nokuzinikela kwabo ekuthuthukiseni izilimilimi kanye nezilimi zendabuko eNingizimu Afrika.
